Izidakamizwa

37 2 0
                                    

Ngiyawezwa amazwi ekhanda
Ayakhuluma athi ngizofa ngedwa
Amehlo abuhlungu, izandla ziyaqhaqhazela
Ikhanda alisebenzi kahle, ngidinga izidakamizwa.

Inqondo ayisebenzi kahle eklasini
Ngihlezi ngiphethwe ubuthongo, ngisho nasemini.
Angikwazi nokuhleka ngihlezi nginolaka
Ngathi umphefumulo wami kudala wahamba.

Umzimba umanxeba bengeqa isango
Kulahleka izinto emphakathini abantu bayakhala.
Ngenxa yezidakamizwa sengiphenduke isela.
Sengisebenzela izidakamizwa. Sengiphenduke isigqila.

Umama usebenzela ikusasalami, uhlezi evuka ekuseni.
Uma ngihlangana naye angikhoni nokumbheka emehlweni.
Ngivele ngisabe ukuthi uzongibona ebusweni.
Ukuthi umoya wami ususezidakamizweni.

Inhliziyo iphukile ngishaywa uvalo.
Ngiyaleqalekisa lelilanga engaqala ukubhema ngalo.
Ngoba manje izidakamizwa ziyangibusa.
Ngitshontshela umuntu owangikhulisa.
Ngitshontshela abantu abangithandayo.

Izidakamizwa ziyisiqalekiso empilweni yami

ISIZULU POEMSWhere stories live. Discover now