Embark kweminyaka eyisishiyagalombili kwenzeka lesigameko amawele abe esekhulile futhi eneminyaka eyisishiyagalombili egcwele. Elalikhulele ehlathini lalazi ukuthi linomama oyinyoka futhi lona liyinkosazane yezilwane njengoba lizivikela uma abazingeli bezobulala izilwane.Igama lalo kwabe kungu Queencess Mount.
Elikhulele emanzini lona,lalihlonishwa yizo zonke izilwane zasolwandle noma zasemanzini.Lalazi ukuthi liyinkosazane yamanzi ,futhi kuwumsebenzi walo ukuvikela izilwane zasemanzini.Igama lalo kwabe kunguMarine.
"Kungani ngikwazi ukuphefumula ngaphansi kwamanzi",kubuza Marine.Inkosazane yaphendula yathi,"kungoba wena unesiphiwo esinganikwa noma bani,uphiwe amandla okukwazi ukuphefumula emanzini futhu unakekele nezilwane zakhona.Wena wabusiswa ungakafiki kulomhlaba".
"Kungani mina ngihlala la kodwa abantu abafana nami bekhona?",kubuza uQueencess.Inyoka ayikwazi ukuphendula ichaze kungakho yavele yazithandela enganeni nje kuphela.Zonke izilwane zekhothama zitshengisa injabulo.Zaphinda zaletha ukudla kwasendle kwingane.Njalo ebusuku uQueencess yayexoxela zonke izilwane inganekwane kwangangokuba zase zazi kumele zifike nini.
"Zilwane zami mamhlanje sizoxoxa ngokuba ohlukileyo,isifundo esokuthi ungajikeli abantu abafana nawe ,kodwa nijikele izitha menu kuphela",waqala waxoxa uQueencess.
Ngelinye lamalanga,amawele aphambana ngendlela engaqondakali.Inyoka yahamba noMarine,inkosazane yahamba no Queen cess.Sebefika ehlathini wakhala ngamanzi Marine,lokhu kwenza inyoka ibone ukuthi sengathi ithathe okungeyena owayo.Nenkosazane nayo yezwa uQueencess ekhala ngokuthi akakwazi ukuphefumula ngaphansi kwamanzi.Inkosazane yabe isicela umhlangano nenyoka,emva kwezinsuku ezine.
Kusenjalo ,kwafika abazingeli babulala zonke izilwane zasehlathini.Ngebhadi inyoka yashayeka kabi Kanye noMarine.Inkosazane yabe isithukuthela yagana unwabu.Yakhetha ukubhubhisa ababulali bezilwane nabantu bonke.Emva kwalokho yafica uMarine esethule,sekuphelile ngaye.Inyoka yona yabe isaphefumula.Emva kwemizuzwana nje yabe isithi,"Leliwele bekungelami manjr sekungelakho",yabe isifa inyoka.
Inkosazane yafundisa uQueencess indlela yokuphila ngaphansi kwamanzi,waze wejwayela.Ngelinye ilanga walidedela ukuba liyophila impilo yalo ngaphandle kwamanzi.Lahamba lijabule impela kanti inkosazane ilixoshela ukuthi lingayiboni ifa ngoba lalingeke liphile impilo ende.
...YAPHELA.
ESTÁS LEYENDO
BENGULAMI SEKUNGELAKHO BY THANDOLWETHU
FanfictionA triller of mothers struggles and force of nature.A Zulu drama which generally mark the power of a mother ,a women carrying many burdens alone,till her last breath.A mother's sacrifice to the survival of her child without knowing what tomorrow hold...
